Hlangana ne-Gallery, igalari elihlakaniphile, elilula nelisheshayo lezithombe nelevidiyo elakhiwe i-Google ukuze likusize:  
  
  ✨ Thola izithombe ngokushesha ngokuhlelwa okuzenzakalelayo  
  😎 Bukeka umuhle kakhulu ngamathuluzi okuhlela afana nokuthuthukiswa okuzenzakalelayo  
  🏝️ Sebenzisa idatha encane - isebenza ingaxhunyiwe ku-inthanethi, konke ngosayizi wohlelo lokusebenza omncane  
  
  UKUHLELWA OKUZENZAKALELAYO  
  
  Njalo ebusuku, i-Gallery izohlela ngokuzenzakalela izithombe zakho izenze iqembu ngalokhu: Abantu, Izithombe ozishuthe zona, Imvelo, Izilwane, Amadokhumenti, Amavidiyo nama-Movie.  
  I-Gallery ikusiza ukuthi uhlale uhlelekile, ukuze uchithe isikhathi esincane uskrolela leso sithombe somngani wakho noma ilungu lomndeni, uphinde ube nesikhathi esiningi wabelana ngamamemori nabo.*  
  
  GQAMISA-NGOKUZENZAKALELA  
  
  I-Gallery inamathuluzi asebenziseka kalula okuhlela izithombe, afana nokugqamisa-ngokuzenzakalela azokwenza izithombe zakho zibukeka zizinhle kakhulu ngokuthepha okukodwa.  
  
  AMA-FOLDA NOSEKELO LWEKHADI LE-SD  
  
  Sebenzisa amafolda ukuze uhlele izithombe nganoma iyiphi indlela oyifunayo. Konke ngenkathi ukwazi ukubuka, ukukopisha nokudlulisela kuya noma kusuka kumakhadi e-SD, kalula.  
  
  UKUSEBENZA  
  
  I-Gallery iza ngosayizi wefayela omncane osho isikhala esiningi nakakhulu sezithombe zakho. Konke ngenkathi usebenzisa inkumbulo encane kudivayisi yakho - ukuze ingehlisi ukusebenza kwefoni yakho.  
  
  ISEBENZA INGAXHUNYIWE KU-INTHANETHI  
  
  Ilungiselelwe ukuze isebenze ingaxhunyiwe kwi-inthanethi, i-Gallery ingaphatha kalula iphinde igcine zonke izithombe zakho namavidiyo ngaphandle kokusebenzisa yonke idatha yakho.  
  *ukwenziwa iqembu kobuso akutholakali manje kuwo wonke amazwe
Kubuyekezwe ngo-
Jan 8, 2025